1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2 Uma wenqaba ukuba basuke, bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;
3 umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.
4 Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”
5 UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”