26 Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.
27 UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.
28 Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”
29 Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
30 Kepha wena nezinceku zakho ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehova uNkulunkulu.”
31 Kwashaywa ifilakisi* nebhali,* ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi laliqhakazile.
32 Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.