29 Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
30 Kepha wena nezinceku zakho ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehova uNkulunkulu.”
31 Kwashaywa ifilakisi* nebhali,* ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi laliqhakazile.
32 Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.
33 UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.
34 UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile, wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.
35 Inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengalokho uJehova eshilo ngoMose.