17 Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona,
18 uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.
19 Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.
20 Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.”
21 Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.
22 Asuka aya entabeni, ahlala khona izinsuku ezintathu, baze babuya abawaxoshayo; abaxoshayo babewafuna indlela yonke, abaze bawafumana.
23 Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.