7 Yonke imifula iyangena elwandle,kepha ulwandle alugcwali;endaweni eya kuyo imifula,ibuye iye khona njalo.
8 Zonke izinto ziyakhandleka,akakho ongakuphimisa;iso alisuthi ngokubona,nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9 Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;akukho okusha phansi kwelanga.
10 Kukhona yini into okuthiwa ngayo:“Bheka, intsha le.”Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.
11 Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabophakathi kwabalandela bona.
12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.
13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.