Umshumayeli 3 ZUL59

Konke kunesikhathi sakho

1 Konke kunesikhathi sakho,yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

2 Kukhona isikhathi sokuzalwanesikhathi sokufa,isikhathi sokutshalanesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

3 isikhathi sokubulalanesikhathi sokuphilisa,isikhathi sokudilizanesikhathi sokwakha;

4 isikhathi sokukhalanesikhathi sokuhleka,isikhathi sokulilanesikhathi sokusina;

5 isikhathi sokuphonsa amatshenesikhathi sokuqoqa amatshe,isikhathi sokugonanesikhathi sokungagoni;

6 isikhathi sokufunanesikhathi sokulahlekelwa,isikhathi sokugcinanesikhathi sokuhlahla;

7 isikhathi sokuklebhulanesikhathi sokuthunga,isikhathi sokuthulanesikhathi sokukhuluma;

8 isikhathi sokuthandanesikhathi sokuzonda,isikhathi sokulwanesikhathi sokuzola.

9 Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?

10 Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

11 Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.

13 Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.

14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

15 Lokhu okukhona yikho okwakukhona,nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.

Umuntu ufana nezilwane

16 Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

17 Ngase ngithi enhliziyweni yami:“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonkenesemisebenzi yonke.”

18 Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.

19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

20 Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

21 Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”

22 Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12