1 Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi,ngokuba uyakusifumanaemva kwezinsuku eziningi.
2 Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili,ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.
3 Uma amafu egcwele imvula,ayayithulula emhlabeni;futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimunoma ngasenyakatho,endaweni lapho uwa khona umuthi,uyakuba lapho.
4 Oqaphela umoya akayikuhlwanyela;obheka amafu kayikuvuna.
5 Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.
6 Hlwanyela imbewu yakho kusasa,ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela,yilena noma yileyo,noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
7 Ukukhanya kumnandi,yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
8 Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,makathokoze ngayo yonke,akhumbule nokho nezinsuku zobumnyamaukuthi njengokuba ziziningi,konke okufikayo kuyize.
9 Thokoza, nsizwa,ebusheni bakho,inhliziyo yakho ikuphe ukwenamaemihleni yobunsizwa bakho,uhambe ngezindlela zenhliziyo yakhonjengokubona kwamehlo akho,kepha yazi ukuthi ngakho konke lokhouNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.