1 Izimpukane ezifileyozenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile;kanjalo ubuwula obuncanebulingana nokuhlakanipha nodumo.
2 Inhliziyo yohlakaniphileyoingakwesokunene sakhe,kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3 Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula,siyaphela ingqondo,sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4 Uma umoya wombusi ukuvukela,ungashiyi indawo yakho,ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5 Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga,bunjengephutha elivela kumbusi:
6 ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo,kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7 Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi,nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.