5 Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga,bunjengephutha elivela kumbusi:
6 ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo,kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7 Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi,nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8 Omba umgodi uyakuwela kuwo,nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9 Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo,nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10 Uma insimbi ibuthuntu,umuntu engaloli usiko,uyakhamelela ngamandla;kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11 Uma inyoka iluma ingakalunjwa,umlumbi akasizi lutho.