7 Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi,nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8 Omba umgodi uyakuwela kuwo,nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9 Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo,nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10 Uma insimbi ibuthuntu,umuntu engaloli usiko,uyakhamelela ngamandla;kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11 Uma inyoka iluma ingakalunjwa,umlumbi akasizi lutho.
12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula,nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.