8 Omba umgodi uyakuwela kuwo,nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9 Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo,nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10 Uma insimbi ibuthuntu,umuntu engaloli usiko,uyakhamelela ngamandla;kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11 Uma inyoka iluma ingakalunjwa,umlumbi akasizi lutho.
12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula,nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14 Isiwula siyandisa amazwi,nokho umuntu akazi okuyakuba khona;nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe,ngubani ongamtshela lokho na?