6 Hlwanyela imbewu yakho kusasa,ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela,yilena noma yileyo,noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
7 Ukukhanya kumnandi,yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
8 Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,makathokoze ngayo yonke,akhumbule nokho nezinsuku zobumnyamaukuthi njengokuba ziziningi,konke okufikayo kuyize.
9 Thokoza, nsizwa,ebusheni bakho,inhliziyo yakho ikuphe ukwenamaemihleni yobunsizwa bakho,uhambe ngezindlela zenhliziyo yakhonjengokubona kwamehlo akho,kepha yazi ukuthi ngakho konke lokhouNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.