1 Futhi khumbula uMdali wakhoemihleni yobusha bakho,zingakafiki izinsuku ezimbi,ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:“Angithokozi ngayo;”
2 yebo, lingakabi mnyama ilanga,nokukhanya, nenyanga,nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
3 ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,amadoda anamandla agobe,abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
4 iminyango ivalwe esitaladini,lapho umsindo wokusila uncipha,umuntu avuke ngezwi lenyoni,izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;