10 UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.
11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.
12 Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.
13 Nakhu ukuphela kwendaba,lapho sekuzwakele konke:Mesabe uNkulunkulu,ugcine imiyalo yakhe,ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14 Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisauyakuyisa yonke imisebenziekwahlulelweni kanye nakho konkeokufihliweyo, noma kuhle noma kubi.