4 iminyango ivalwe esitaladini,lapho umsindo wokusila uncipha,umuntu avuke ngezwi lenyoni,izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
5 nalapho abantu besaba imimangoizesabiso zibe sendleleni,umalimondi* ukhahlele,intethe itotobe,izithelo zesihlahla sekaphari*zingabe zisaba namandla,ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade,nabalilayo bazulazula esitaladini;
6 yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,nembiza ingakafi ngasemthonjeni,nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,
7 uthuli lubuyele emhlabathini,njengokuba lwalunjalo,umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
8 “Ize leze,” usho uMshumayeli,“konke kuyize.”
9 Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.
10 UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.