10 Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.
11 Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.
12 Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na?
13 Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.
14 Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.
15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.
16 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?