2 Ngathi ngokuhleka: “Ngubuhlanya,” nangentokozo: “Yenzani na?”
3 Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.
4 Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini,
5 ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke,
6 ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.
7 Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema.
8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.