4 Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini,
5 ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke,
6 ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.
7 Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema.
8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.
9 Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.
10 Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.