4 Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
5 Isiwula siyasonga izandla zaso,sidle umzimba waso.
6 Kungcono ukhweshe lokuthulakunezandla zombili zigcwele umshikashikakanye nokufuna umoya.
7 Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:
8 Kukhona oyedwa,kanaye owesibili,yebo, akanamntwana, kanamfowabo,nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho,namehlo akhe awasuthi ngengcebo.Uthi: “Ngishikashikela-bani,ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?”Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
9 Kungcono ababili kunoyedwa,ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
10 Ngokuba uma bewa,omunye uyavusa umngane wakhe;kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,engenawesibili wokumvusa!