9 Kungcono ababili kunoyedwa,ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
10 Ngokuba uma bewa,omunye uyavusa umngane wakhe;kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,engenawesibili wokumvusa!
11 Futhi uma ababili belele ndawonye,banokufudumala,kepha oyedwa angafudumala kanjani na?
12 Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
13 Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa,
14 ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.
15 Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe;