1 Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2 Ungabi namawala ngomlomo wakho,nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwiphambi kukaNkulunkulu,ngokuba uNkulunkulu usezulwini,wena usemhlabeni;ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
3 Ngokuba iphupho livelangemisebenzi emininginephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.
4 Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.