12 Ubuthongo besisebenzi bumnandi,noma sidla okuyingcosana noma okuningi,kepha ukusutha kocebileyoakumvumeli ukuba alale.
13 Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga:ingcebo egcinelweumniniyo ukuba imlimaze;
14 futhi uma ingcebo ichithwangengozi embi,indodana ayizalileyoayinalutho esandleni sayo.
15 Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,uyakubuye amuke,ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,engatholi lutho ngomshikashika wakhe,ahambe nalo esandleni sakhe.
16 Nalokho kungububi obudabukisayoukuthi uyamuka kukho konkenjengokufika kwakhe;unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?
17 Yebo, zonke izinsuku zakhezisebumnyameni nasosizini,nasekukhathazekeni okuningi,nasekuguleni, nasekuthukutheleni.
18 Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.