7 Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
8 Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.
9 Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;nalokho kuyize.
11 Lapho okuhle kwanda,nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikhongaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12 Ubuthongo besisebenzi bumnandi,noma sidla okuyingcosana noma okuningi,kepha ukusutha kocebileyoakumvumeli ukuba alale.
13 Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga:ingcebo egcinelweumniniyo ukuba imlimaze;