9 Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;nalokho kuyize.
11 Lapho okuhle kwanda,nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikhongaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12 Ubuthongo besisebenzi bumnandi,noma sidla okuyingcosana noma okuningi,kepha ukusutha kocebileyoakumvumeli ukuba alale.
13 Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga:ingcebo egcinelweumniniyo ukuba imlimaze;
14 futhi uma ingcebo ichithwangengozi embi,indodana ayizalileyoayinalutho esandleni sayo.
15 Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,uyakubuye amuke,ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,engatholi lutho ngomshikashika wakhe,ahambe nalo esandleni sakhe.