3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,
4 ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.
5 Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye.
6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?
7 Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe,nokho iphango alaneliswa.
8 Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula,nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyounantoni na?
9 Kungcono ukubona kwamehlokunokuzulazula kwesifiso;nalokhu kuyize nokufuna umoya.