6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?
7 Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe,nokho iphango alaneliswa.
8 Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula,nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyounantoni na?
9 Kungcono ukubona kwamehlokunokuzulazula kwesifiso;nalokhu kuyize nokufuna umoya.
10 Okukhona kwake kwabizwa ngegama;kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini;akanakwahlulelana nonamandla kunaye.
11 Lokhu kukhona amazwi amaningiakwandisa okuyize,umuntu unanzuzoni na?
12 Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?