14 Yenama ngosuku lwenhlanhla,kepha ngosuku olubi qonda ukuthinalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani luthooluyakuba khona emva kwakhe.
15 Konke ngikubonile emihleni yami eyize:kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe,kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.
16 Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo,ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu;uzichithelani na?
17 Ungabi mubi ngokudluleleyo,ungabi yisiwula;uyakufelani kungakabi yisikhathi na?
18 kuhle ukuba ubambelele kulokhu,yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho,ngokuba owesaba uNkulunkuluuyakuphumelela kukho konke.
19 Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyoukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.
20 Ngokuba akukho muntu emhlabeniolungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.