19 Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyoukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.
20 Ngokuba akukho muntu emhlabeniolungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.
21 Ungabeki inhliziyo yakhoemazwini onke akhulunywayo,funa uzwe inceku yakho ikuthuka,
22 ngokuba kaninginingi inhliziyo yakhoiyazi ukuba nawe ubathukile abanye.
23 Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi:“Ngiyakuhlakanipha,”kepha kwakusala kude nami.
24 Okude nokujulile kakhulu,ngubani ongakufumana na?
25 Ngase ngiphendukaukuba inhliziyo yami yazi, ihlole,ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindabaukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula,nobuwula ukuthi bungubuhlanya.