23 Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi:“Ngiyakuhlakanipha,”kepha kwakusala kude nami.
24 Okude nokujulile kakhulu,ngubani ongakufumana na?
25 Ngase ngiphendukaukuba inhliziyo yami yazi, ihlole,ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindabaukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula,nobuwula ukuthi bungubuhlanya.
26 Ngase ngifumana okubaba kunokufa:owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha,nezandla zakhe ziyizibopho;omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye,kepha isoni siyakubanjwa nguye.
27 “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli:“Ngibeka okunye kokunyeukuba ngithole indikimba yezindaba,
28 nokusafunwa ngumphefumulo wami,ngingakakufumani kodwa:indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene,kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.