3 Usizi lungcono kunokuhleka,ngokuba ngokudabuka kobusoinhliziyo yenzelwa okuhle.
4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila,kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
5 Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyokunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
6 Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi,kunjalo ukuhleka kweziwula.Nalokho kuyize.
7 Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.
8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.