7 Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.
8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.
10 Ungasho ukuthi:“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqalazazizinhle kunalezi na?”Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.
11 Ukuhlakanipha kuhle njengefa,yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,
12 ngokuba kusemthunzini wokuhlakaniphanjengasemthunzini wemali,kepha inzuzo yokwaziingeyokuba ukuhlakaniphakulondoloza ukuphila kwalowo onakho.
13 Bona umsebenzi kaNkulunkulu,ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?