2 Ngithi: Gcina izwi lenkosingenxa yesifungo ngoNkulunkulu.
3 Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo,ungemi endabeni embi,ngokuba yenza konke ekuthandayo.
4 Ngokuba izwi lenkosi liyabusa;ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”
5 Ogcina umyalo akayikwazi okubi:nenhliziyo yohlakaniphileyoiyakwazi isikhathi nokwahlulela,
6 ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke;nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe,
7 lokhu engazi okuyakuba khona,ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?
8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye,futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa;ukukhululwa akukho empini,nobubi abunakukhulula umninibo.