1 Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.
2 Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.
3 Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.
4 Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.