10 Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
11 Ngabuye ngabona phansi kwelangaukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane,nokulwa ngamaqhawe,nesinkwa ngabahlakaniphileyo,nengcebo ngabaqondileyo,nomusa ngabanokwazi,ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
12 Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe;njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibinezinyoni ezibanjwa ogibeni,kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibengesikhathi esibi,lapho siwehlela ngokuzumayo.
13 Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:
14 kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15 kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.
16 Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.