11 Ngabuye ngabona phansi kwelangaukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane,nokulwa ngamaqhawe,nesinkwa ngabahlakaniphileyo,nengcebo ngabaqondileyo,nomusa ngabanokwazi,ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
12 Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe;njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibinezinyoni ezibanjwa ogibeni,kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibengesikhathi esibi,lapho siwehlela ngokuzumayo.
13 Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:
14 kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15 kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.
16 Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
17 Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthulenimahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.