14 kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15 kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.
16 Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
17 Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthulenimahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.
18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa,ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.