6 Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.
7 Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
8 Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke, nekhanda lakho malingasweli amafutha.
9 Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.
10 Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
11 Ngabuye ngabona phansi kwelangaukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane,nokulwa ngamaqhawe,nesinkwa ngabahlakaniphileyo,nengcebo ngabaqondileyo,nomusa ngabanokwazi,ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
12 Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe;njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibinezinyoni ezibanjwa ogibeni,kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibengesikhathi esibi,lapho siwehlela ngokuzumayo.