Unahume 1 ZUL59

Ukushisekela kukaNkulunkulu nomusa wakhe

1 Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.

2 UJehova unguNkulunkuluoshisekelayo nophindiselayo;uJehova uyaphindisela,ugcwele ukufutheka;uJehova uphindisela kwabamelene naye,ugcinela izitha zakhe intukuthelo.

3 UJehova wephuza ukuthukuthela,mkhulu ngamandla,akenzi onecala abe msulwa;uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

4 Uyakhuza ulwandle, alomise,ashise nemifula yonke;iBashani liyawuma kanye neKarmeli,nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

5 Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe,amagquma ayancibilika;umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe,yebo, nakho konke okuhlala kuwo.

6 Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na?Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na?Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo,namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.

7 UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,uyabazi abaphephela kuye.

8 Kepha ngesikhukhula esiphuphumayouyakuqeda indawo yakhona,axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

9 Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

10 Lapho bethandela njengameva,benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

11 Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,wanika isiluleko esibi.

12 Usho kanje uJehova, uthi:“Noma benamandla, futhi bebaningi,nokho bayakuqedwa, banyamalale;noma ngikuhluphile,angisayikukuhlupha.

13 Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho,ngigqabule izibopho zakho.”

14 Kepha uJehova uyalezile ngaweukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho;endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunqumaizithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo;ngiyakulungisa ithuna lakho,ngokuba awuyinto yalutho.

15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,omemezela ukuthula.Gubha imikhosi yakho, Juda,ugcwalise izithembiso zakho,ngokuba omubi akasayikudabula kuwe;unqunyiwe ngokupheleleyo.

Izahluko

1 2 3