Unahume 2 ZUL59

Ukuchithwa kweNineve

1 Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba,ulinde indlela,uqinise izinkalo zakho,uwenze amandla akho ukuba aqine.

2 Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobenjengokuphakama kuka-Israyeli,lokhu abathululayo bebathululile,bachitha amagatsha emivini yabo.

3 Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,amadoda anamandla embethe okubomvu;izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe;imikhonto iyaveva.

4 Izinqola ziyahlanya ezitaladini,ziyaficana ezigcawini;ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,zigijima njengemibani.

5 Useyakhumbula izikhulu zakhe,ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;zisheshela izingange zakhona,izivikelo ziyalungiswa.

6 Amasango emifula ayavulwa,indlu yamakhosi iyancibilika.

7 Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8 Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,nokho bayabaleka.“Yimani, yimani!”Kepha akakho ophendukayo.

9 Phangani isiliva!Phangani igolide!Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyonokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

10 Liyize, alisenalutho, lichithekile;inhliziyo iyancibilika,amadolo ayashayana,imihelo isezinkalweni zonke,nobuso babo bonke buphaphathekile.

11 Uphi umphandu wezingonyama,nedlelo lamabhongo ezingonyama,lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,kungekho okwesabisayo na?

12 Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,yabindela izingonyamakazi zayo;yagcwalisa imiphandu yayo ngempangonemigede yayo ngengcugco.

13 “Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

Izahluko

1 2 3