1 Wo kumuzi wezingazi!Wonke ugcwele amanga nempango,ukuphanga akupheli.
2 Ngukuqhuma kwesiswebhu,nomsindo wokugodlozela kwamasondo,namahhashi agadulayo,nezinqola ezixhumayo;
3 ngabamahhashi abasukelayo,nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo,abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu,kungekho ukuphela kwezidikadika;bakhubeka ngezidikadika zabo,
4 ngenxa yobuningi bobufebe besifebe esibukekayo,umnikazi wokulumba,esithengisa izizwe ngobufebe baso,nemindeni ngamalumbo aso.