11 Uyakudakwa nawe, ufihlwe;futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.
12 Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwaneenamakhiwane ayingqalabutho;uma inyakaziswa,awela emlonyeni wodlayo.
13 Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,umlilo udlile imigoqo yakho.
14 Zikhelele amanzi okuvinjezelwa,uqinise izinqaba zakho;ngena odakeni,uxove ibumba,uqinise uhonela.
15 Lapho umlilo uyakukuqeda,inkemba ikunqume,ikudle njengenkasa;zandise njengenkasa,zandise njengesikhonyane!
16 Wandisile abathengisi bakho kunezinkanyezi zezulu;inkasa iyakhula, indize imuke.
17 Izikhulu zakho zinjengezinkumbi,nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyaneesihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza,kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke,ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.