15 Lapho umlilo uyakukuqeda,inkemba ikunqume,ikudle njengenkasa;zandise njengenkasa,zandise njengesikhonyane!
16 Wandisile abathengisi bakho kunezinkanyezi zezulu;inkasa iyakhula, indize imuke.
17 Izikhulu zakho zinjengezinkumbi,nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyaneesihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza,kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke,ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.
18 Abelusi bakho balele,nkosi yase-Asiriya;abakhulu bakho bayaphumula;abantu bakho bahlakazekile ezintabeni,akakho obabuthayo.
19 Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho;umvimbo wakho unzima;bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe,ngokuba ngubani ububi bakhoobungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?