9 IKushe neGibithe kwakungamandla alo angenakuphela;uPhuthi namaLubi babe ngabasizi bakho.
10 Nalo lamukiswa,laya ekuthunjweni,nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi;benza inkatho ngezikhulu zalo,nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.
11 Uyakudakwa nawe, ufihlwe;futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.
12 Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwaneenamakhiwane ayingqalabutho;uma inyakaziswa,awela emlonyeni wodlayo.
13 Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,umlilo udlile imigoqo yakho.
14 Zikhelele amanzi okuvinjezelwa,uqinise izinqaba zakho;ngena odakeni,uxove ibumba,uqinise uhonela.
15 Lapho umlilo uyakukuqeda,inkemba ikunqume,ikudle njengenkasa;zandise njengenkasa,zandise njengesikhonyane!