28 Kubantwana bakwa-Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
29 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
30 Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
31 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
32 Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
33 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
34 Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: