Unumeri 26 ZUL59

Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1 Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3 OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4 “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5 URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6 kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11 Kepha amadodana kaKora awafanga.

12 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13 kwaZera: ngumndeni wakwaZera;kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14 Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15 Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16 kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17 kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18 Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19 Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:kwaShela: ngumndeni wakwaShela;kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21 Amadodana kaPheresi:kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22 Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23 Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:kwaThola: ngumndeni wakwaThola;kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24 kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25 Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26 Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27 Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28 Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29 Amadodana kaManase:kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30 Lawa angamadodana kaGileyadi:kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31 kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32 kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34 Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35 Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36 Lawa angamadodana kaShuthela:kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38 Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:kwaBela: ngumndeni wakwaBela;kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39 kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40 Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41 Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42 Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43 Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44 Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45 Kumadodana kaBeriya:kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46 Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48 Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49 kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50 Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53 “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56 Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58 Nansi imindeni yamaLevi:ngumndeni wakwaLibini,nomndeni wakwaHebroni,nomndeni wakwaMaheli,nomndeni wakwaMushi,nomndeni wakwaKora.UKohati wazala u-Amramu.

59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60 U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63 Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36