Unumeri 3 ZUL59

Ukubalwa kwamaLevi nokwamazibulo

1 Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.

2 Lawa angamagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

3 Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.

4 ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.

5 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

6 “Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.

7 Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*

8 Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.*

9 Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.

10 Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”

11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

12 “Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.

13 Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”

14 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi:

15 “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.”

16 UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.

17 Lawa angamadodana kaLevingamagama awo: oGereshoni,noKohati, noMerari.

18 Lawa angamagama amadodanakaGereshoni ngemindeni yawo:oLibini noShimeyi.

19 Namadodana kaKohati ngemindeniyawo: o-Amramu, noJisihari,noHebroni, no-Uziyeli.

20 Namadodana kaMerari ngemindeniyawo: oMaheli noMushi. Leyoiyimindeni yamaLevi ngezindluzawoyise.

21 KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.

22 Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu.

23 Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.

24 Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli.

25 Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,

26 nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.

27 KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.

28 Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.

29 Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.

30 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli.

31 Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.

32 U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.

33 KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.

34 Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.

35 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.

36 Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,

37 nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.

38 Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

39 Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

40 UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo.

41 Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”

42 UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

43 Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.

44 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

45 “Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.

46 Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,

47 uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili;

48 umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.”

49 UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;

50 kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.

51 UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36