3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.
4 Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.
5 Lawa angamagama amadoda ayakuma nani:kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
6 KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
7 KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8 Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.
9 KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.