31 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
32 Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
33 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
34 Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
35 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaManase, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
36 Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
37 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaBenjamini, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.