40 Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:
41 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
42 Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
43 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaNafetali, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
44 Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.
45 Bonke ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,
46 bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.