3 Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4 Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.
5 Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6 Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7 Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8 “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
9 Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.